Imithethonqubo yaseNingizimu Afrika idinga ukuba abantu abafisa ukwazi nabathintekayo banikeze ngemininingwane yokuxhumana njengengxenye yezinqubo zokulawula ezenziwe, isib., i-National Land Transport Act, 5 ka-2009, i-Promotion of Access to Information Act, 2 ka-2000, i-Promotion of Administrative Justice Act, 3 ka-2000, njalonjalo. Mayelana noMbandela 6, womthethonquno 17 - 18 we-Protection of Personal Information Act, 4 ka-2013, i-Transport Authority for Gauteng (TAG) kudingeka idalule isizathu sokufuna imininingwane yokuxhumana eqondene nababambiqhaza ababamba umhlangano futhi isho injongo imininingwane yabadlali-ndima abayinhloko ezosetshenziselwa yona.
Maqondana nephrojekthi yokusungula nokulungiselela iNhlosi-mbono Yezokuthutha (Strategic Transport Plan [STP]) yeSifundazwe sase-Gauteng kanye Nesu-mgomo layo Elididiyelwe Lokuqalisa Umsebenzi (Integrated Implementation Plan [IIP]), i-TAG iqoqa imininingwane yokuxhumana eqondene nomuntu yabadlali-ndima abayinhloko abazobambisana futhi babambe iqhaza kuphrojekthi.
Ngakho-ke, i-TAG izosebenzisa imininingwane yokuxhumana eqondene nabadlali-ndima abayinhloko ukuze ixhumane nabo mayelana nokufinyelelwa kwezigaba zephrojekthi, ibameme ukuba bafake uvo lwabo, kanjalo nokuhlinzeka ngokufakazi benqubo, isib., uhlu olusayiniwe lwamagama alabo abakade bekhona olunemininingwane yokuxhumana eqondene nabakade behambele umhlangano nokuphawula okutholwe ngabadlali-ndima abayinhloko be-Gauteng MEC le Migwaqo Nezokuthutha.
Osayinile uyavuma ukuthi imininingwane yokuxhumana eqondene naye inikezwa ngesivumelwano sokuzithandela.
Isaziso: I-TAG izogcina imininingwane yokuxhumana yabadlali-ndima abayinhloko iyimfihlo, lapho kungenzeka khona. I-TAG ayinasibopho ngemininingwane yokuxhumana eqondene nomuntu enikezwe ngabadlali-ndima abayinhloko engase idalulwe umlawuli ayise ezinkampanini eziseceleni